Jump to content

UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika/Isheduli 5

From Wikisource
UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika (1996)
Isheduli 5: Izindawo Okusetshenzwa Kuzo Ezishayelwa Imithetho Yisifundazwe Kuphela
291642UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika — Isheduli 5: Izindawo Okusetshenzwa Kuzo Ezishayelwa Imithetho Yisifundazwe Kuphela1996

Ingxenye A

  • Amadele
  • Ama-ambulense
  • Izikhungo zokugcinwa kwemilando okungezona izikhungo zokugcina imilando zikazwelonke
  • Imitapo yezincwadi okungeyona imitapo yezincwadi kazwelonke
  • Amalayisense otshwala
  • Amamnyuziyamu okungewona amamnyuziyamu kazwelonke
  • Ukuhlelwa kwesifundazwe
  • Izindaba zesifundazwe eziphathelene namasiko
  • Ukuzijabulisa kanye nezindawo zokuzijabulisa zesifundazwe
  • Ezemidlalo zesifundazwe
  • Imigwaqo yesifundazwe nokuhamba kuyo
  • Ezokwelashwa kwezilwane, ngaphandle kokulawulwa kwalowo msebenzi


Ingxenye B
Izindaba ezilandelayo zikahulumeni wasekhaya njengangoba zibekelwe izifundazwe esigabeni se 155(6)(a) nesesi (7):

  • Amabhishi kanye nezinto zokuzijabulisa
  • Izinqwembe ezinkulu zokwazisa kanye nokukhonjiswa kwezikhangiso ezindaweni zomphakathi
  • Amathuna, amakhaza nezindawo zokushisa izidumbu
  • Ukuhlanza
  • Ukulawula uthikamezo lomphakathi
  • Ukulawulwa kwezindawo ezithengisela umphakathi utshwala
  • Izindawo zokugcina, zokunakekela kanye nokungcwaba izilwane
  • Ukubiyela kanye nezinto zokubiyela
  • Ukuthelelwa kwezinja
  • Ukuthelelwa kanye nokulawulwa kwezindawo ezidayisela umphakathi ukudla
  • Izikhungo zokusiza umphakathi ezisendaweni
  • Izikhungo zemidlalo ezisendaweni
  • Izimakethe
  • Amadele kamasipala
  • Amapaki kamasipala nezokuzijabulisa
  • Imigwaqo kamasipala
  • Ukunukubeza ngokubanga umsindo
  • Izindawo zokugcina izinto ezephucwe emphakathini
  • Izindawo zomphakathi
  • Ukuthuthwa kukadoti, izindawo zokulahla udoti kanye nokulahlwa kwemfucuza eqinile
  • Ukudayisa emigwaqeni
  • Ukukhanyiswa kwemigwaqo
  • Ukusetshenziswa kwemigwaqo nezindawo zokupaka