UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika/Isheduli 4
Appearance
Ingxenye A
- Ukulawulwa kwamahlathi emvelo
- Ezolimo
- Izikhumulo zezindiza ngaphandle kwezikhumulo zezindiza zamazwe ngamazwe nezikazwelonke
- Ukulawulwa kwezilwane nezifo
- Amakhasino, imijaho, ukugembula nokubheja, ngaphandle kwamalotho nemihlanganyela yezemidlalo
- Ukuvikelwa kwabathengi
- Izindaba zezamasiko
- Ukulawulwa kwezinhlekelele
- Imfundo kuyo yonke imikhakha, ngaphandle kwemfundo ephakeme
- Indawo okuphilwa kuyo
- Ezempilo
- Ezezindlu
- Umthetho wendabuko kanye nomthetho wamasiko, okuphethwe yiSahluko se 12 soMthethosisekelo
- Ukuqhutshekiselwa phambili kwezezimboni
- Inqubomgomo yezilimi kanye nokulawulwa ngokomthetho kwezilimi ezisemthethweni kangangoba imibandela yesigaba sesi-6 soMthethosisekelo sinika ngokucacile izishayamthetho zezifundazwe amandla okushaya umthetho mayelana nalokhu
- Ezokusakazwa kolwazi ezilawulwa ngqo noma ezihlinzekwa nguhulumeni wesifundazwe, ngokuphathwa yisigaba se-192
- Ukuvikelwa kwemvelo, ngaphandle kwamapaki kazwelonke, izingadi zezitshalo zikazwelonke kanye nengcebo yasolwandle
- Amaphoyisa kangangoba imibandela yeSahluko se-11 soMthethosisekelo sinikeza izishayamthetho zezifundazwe amandla okushaya imithetho mayelana nalokhu
- Ukulawulwa kokunukubezeka kwemvelo
- Ukuthuthukiswa kwabantu
- Izimali zokwedlulisa ubunikazi bempahla
- Izinkampani noma imisebenzi kahulumeni wesifundazwe mayelana nezindawo okusetshenzwa kuzo ezikule Sheduli nakuSheduli se-5
- Izinto zokuhamba zomphakathi
- Imisebenzi yomphakathi kuphela mayelana nezidingo zeminyango kahulumeni wesifundazwe, ekwenzeni imisebenzi yayo yokulawula imisebenzi enikezelwe yona ngokoMthethosisekelo noma nanoma yimuphi omunye umthetho
- Ukuhlelelwa nokuthuthukiswa kwezifunda
- Ukulawulwa kwezinto ezihamba emigwaqweni
- Ukungiwa kwenhlabathi
- Ezokuvakasha
- Uhwebo
- Ubuholi bendabuko kuphela uma kuhambisana neSahluko se-12 soMthethosisekelo
- Ukuthuthukiswa kwezindawo ezisemadolobheni nezasemakhaya
- Ukuthelelwa kwezinqola zokuhamba
- Ezenhlalakahle
Ingxenye B
Izindaba zikahulumeni wendawo ezilandelayo kangangoba kubekwe esigabeni se 155(6)(a) nesesi (7):
- Ukunukubezeka komoya
- Imitheshwana elawula ukwakha
- Izindawo zokunakekela izingane
- Ukutholakala kukagesi kanye negesi
- Ezokucishwa kwemililo
- Ezokuvakasha zendawo
- Izikhumulo zikamasipala zezindiza
- Ukuhlelwa kukamasipala
- Ezempilo zikamasipala
- Izinto zokuhamba umphakathi zikamasipala
- Imisebenzi yomphakathi eyenziwa ngumasipala kuphela mayelana nezidingo umasipala ahlangabezana nazo ekwenzeni umsebenzi wokulawula imisebenzi enikezelwe ngqo kuye ngaphansi kwalo
- Isikejana esisetshenziswa uma kudingeka ukuntanta emanzini, isikejana sokuthutha abantu nezimpahla emanzini, izakhiwo ezenziwe ogwini zokuhamba abantu kanye namatheku, ngaphandle kokulawulwa kokuthutha kwezinto olwandle kwamazwe ngamazwe kanye nakuzwelonke nemidanti encikene nakho
- Ukulawulwa kwamanzi emvula ezindaweni okwakhiwe kuzo
- Imitheshwana elawula uhwebo
- Izinsizo zamanzi nokuthuthwa kwendle kusiwe ezinhlelweni zokuthwala amanzi aphuzwayo kanye nasezinhlelweni zokuqoqwa kwamanzi angcolile nezokulahlwa kwendle emakhaya